KUPHUME ezitshaqisayo eNkantolo kaMantshi weThekwini, kuvela ukuthi ikhadi lebhanga likamamangalelwa obecela ibheyili ecaleni lokubulawa kwabesifazane ngesihluku, liyaqhubeka lokusebenza ngokujwayelekile yize yena evalelwe ngaphakathi.
Lokhu kuvezwe nguMantshi u-Ashwin Singh ngaphambi kokunqaba lebheyili ku Lungani Mthethwa (31), ongumsolwa wokuqala ecaleni lokubulawa kukaNkosazana Anele Mbokazi (29) loNkosazana Zizipho Gabisa (30) nyakenye.
Izidumbu zabafi, ababedutshulwe ezindaweni ezibucayi zatholwa zidindilize emgwaqweni eKenville ngo-Agasti 25.
Kwabotshwa uMthethwa lomngani wakhe, uSandile Chili osephenduke umfakazi woMbuso, amacala akhe ahoxiswa.
Ngesikhathi uSingh esenza izethulo zokunqaba lebheyili, ubalule izinto ezimbalwa athe zenza abone ubufakazi, uMthethwa acele ngabo ibheyili, bungaqinile futhi bushiya imibuzo.
USingh ubuye wabalula lokuthi ayikho into ebambekayo uMthethwa ayitsho encwadini yakhe efungelwe, ngaphandle kokuthathisela okuningi kokwavezwa uChili ngesikhathi ecela eyakhe ibheyili nyakenye.
โIkhadi lakho lasebhanga, kuvela ukuthi liyaqhubeka nokusebenza yize wena uboshiwe. Kunokungena nokuphuma kwemali kwi-akhawunti yakho okwenzeke wena usuvalelwe. Lokhu kushiya imibuzo yokuthi ngabe lisetshenziswa umuntu ongaphandle onemininingwane yakho noma uwena oneselula ngaphakathi ejele, yikho ukwazi ukwamukela imali ethize, uphinde ukhiphe ethize yize uvalelelwe,โ kusho uSingh.
Enza isibonelo uthe ngoNovemba kungene imali engu-R210 000 ebhange likaMthethwa, kwathi ezinsukwini ezimbalwa ingenile leyo mali, u-R100 000 wayo wakhishwa, uthunyelwa komunye umuntu.
โLokhu kutshiya imibuzo uma kuza kokubhalwe encwadini efungelwe, lapho ubalule khona ukuthi ukugqunywa kwakho ngaphakathi (kusathethwa icala), kuyakuthikameza ebhizinisini lakho lokuhweba ngemali njengoba udinga ubuchwepheshe bamaselula ukuze uqhubeke nokuzisebenza,โ kusho uSingh.
Ubuye wabalula nokuthi inkantolo ayibutholanga ubufakazi obenele obukhombisa ukuthi izingane eziyisithupha, athe ngezakhe futhi uyazondla, lokho ukwenza ngempela.
โEzitifiketini zokuzalwa ozilethile, asikho nesisodwa esinegama lakho kuso ukuveza ukuthi zingezakho ngempela. Noma kungathiwa ezakho ngempela kushiya imibuzo ukuthi yini eyayidala ukuthi onina bangabi nayo imininingwane yakho ukuze bayifake ezitifiketini ngesikhathi beyozibhalisa eMnyangweni wezaseKhaya,โ usho kanje.
Uthe naye uMthethwa ukuba wayengumuntu ozikhathalele izingane zakhe, wayeyoziyela ngokwakhe emnyangweni, ayofaka imininingwane yakhe njengobaba.
โEsitatimendeni sakho sasebhange, akukho lapho okuvela khona ukuthi uyondla njengoba ushilo encwadini efungelwe,โ kusho uSingh. Okhulumele imindeni yabagilwa ngaphandle kwenkantolo, uMnuz Mvuselelo Magwaza uthe kubajabulisile ukuthi angayitholi ibheyili. โSiyabona ukuthi njengoba enqatshelwe ibheyili, akubanga yimbobo yenaliti kodwa kube yingcaca,โ kusho uMagwaza.
Njengenjwayelo inkantolo ibigcwele phama. Kukhona imindeni, ebebezoyeseka, okukhona kubo nabe-ANCWL.
Ngesikhathi esesukunyisiwe uMthethwa, uSingh ethula isinqumo sakhe, ubebonakala ethe njo kuye, ngethemba lokuthi kuzokwenzeka isimanga, adedelwe ngebheyili. Abebethamele icala bebelokhu benxaphe njalo uma kuvela okubadinayo ngommangalelwa.
Icala lizobuyela ngoLwesine eNkantolo eNkulu yaseThekwini lapho selidluliselwe khona. โIsolezwe