USWELE amaphiko ngenxa yenjabulo omunye wabaqeqeshi baMaZulu FC, u-Arthur “10111” Zwane, ngesandla esifakwe uBongani “Ben 10” Zungu obeyiqhawe loSuthu ngempelasonto.
AmaZulu anqobe ngo 1-0 wegoli likaZungu kwiMagesi FC koweBetway Premiership obotshelwe esikimini esiqale umdlalo okokuqala kusukela esayine kuwona.
Usuthu, olufike kulo mdlalo lusazikhotha amanxeba kulandela induku ka 2-0 oluyithole kwiSekhukhune United, lubuyele emakhaya lumoyizela ngoMgqibelo kulandela iwini e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Lokhu kumshiye ethokozile uZwane okhulume ngokwenzelwa yilo mdlalo wakudala weMamelodi Sundowns neRangers yaseScotland izinto zibelula kusukela efikile eThekwini.
“Akudingi isikhathi eside ukuqaphela ukuthi uZungu ufana nobhuti omdala kubadlali abanengi ngakho-ke lide kuzokwenza lukhulu ukuthi siwine ngengoli elishaywe uyena,” kusho uZwane ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
“Sinqobe umdlalo onzima kwazise iMagesi ibizama ngakho konke okusemandleni ukusiphazamisa kodwa ukuqina kokhakhayi okukhonjiswe ngabadlali boSuthu yikhona okuluwezile.
“Kulula kumqeqeshi uma kukhona umdlali ofana noZungu enkundleni ngoba bonke laba abanye bayazibonela okufanele bakwenze ngingasayiphathi-ke uma kuba nguyena futhi oshaya igoli lokuwina umdlalo obalulekile.
“Lo mphumela ubumqoka kithina ngoba usisusa endaweni engahloniphekile ebesihleli kuyona kusukela kuqala isizini ka-2024/2025.
“Ngaphandle kokungahlonipheki ibingasifanele le ndawo uma uqhathanisa indlela esidlale ngayo kweminye imidlalo esigcine singatholanga lutho kuyona.
“Esikhathini esiningi ukudlalela ngasezansi kwi-log kuyasinda kuze kubhimbe nemiphumela okungafanele ibhede. Siyajabula ukuthi sinombelile sahlala endaweni engcono. Sinethemba lokuthi nenhlanhla okuke kwaba sengathi iyasibalekela kule midlalo edlule, izobuya,” kusho uZwane.
Usuthu lujabulisa uZwane nje, iwini alusayazi kwazise luye kwiMagesi lusuka endukwini nasekubambaneni neGolden Arrows emidlalweni elandelanayo yeligi.
UZwane loVusimuzi Vilakazi banikwe umsebenzi wokuvusa Usuthu kulandela ukuhlukanisa kwalo nomqeqeshi waseSpain, uPablo Franco Martin. -Ebulenjini