Daily Newsletter

OweMafikizolo utshayela abakamaskandi ihlombe

UMAKADEBONA kwezomculo weqembu le-afro pop iMafikizolo, uNhlanhla Mafu, ubashayela ihlombe abaculi bomculo wesintu, umaskandi, nabalandeli bomculo. Utusa wonke umsebenzi omuhle abawenze kulo nyaka, awuchaze ngokuthi ube muhle futhi wedlula yonke eminye imikhakha yomculo ezweni.

Usho kanjalo exoxa nephephandaba lapho abuyekeze khona lo nyaka kwezomculo. Wathi abaculi abaningi sebekhiphile umculo wabo, okungenza umlandeli womculo acabange ukuthi umculi ongakakhiphi manje, kushukuthi usehlelela unyaka ozayo.

โ€œNakuba emaningi amaciko enze kahle kulo nyaka, ngibala nalawo awole izindondo ezahlukene phesheya kwezilwandle kodwa ngicabanga ukuthi umaskandi yiwona mculo owenze kahle ukwedlula yonke eminye imikhakha yomculo ezweni.

 โ€œUkungenisa nokuvelela kukamaskandi bekungazibeki yonke indawo, ngisho ezinkundleni zokuxhumana kuhlale kukhulunywa ngawo, ngisho nendlela abagqoka ngayo isingene yagxila kubantu, kangangokuthi amaciko eminye imikhakha yomculo aseze asika iphethini kulokho,โ€ kusho uNhlanhla.

Eqhuba, uthe yize naye engabonanga nkinga engako emculweni wakhe nonyaka kodwa kusamkhathaza mbijana ukuthi abantu abakakwazi ukumamukela ngendlela afisa ngayo, kusukela eshintsha isibongo emva kokwehlukanisa nowayewumyeni wakhe weminyaka, uThembinkosi Nciza, ngo-2019.

Uthe: โ€œNgibona usemkhulu umsebenzi ongihlalele emculweni ngoba ngiyabona ukuthi ayikangeni kubantu abaningi lena yegama nesibongo sami okusha, abaningi basabambeleke kokudala, okwenza umculo engiwukhiphayo ungachumi kalula.โ€

Udalule nokuthi ngenxa yokuthi kwiMafikizolo abakhiphi njalo, njengoba begcine nge-albhamu ethi Idwala ngo-2022, yena uzoqhubeka nomculo wakhe omusha eceleni ngonyaka ozayo.

โ€œNgonyaka ozayo ngithemba ukuthi yilapho abantu abaningi bezobhema bakholwe khona njengoba ngihlela ukukhipha i-albhamu yami yesithathu, bese ngiqhubeka nokuthuthukisa ibhizinisi lami lezemfashini i-NN Vintage,โ€ kusho uNhlanhla. – Isolezwe

Related Posts

โ€˜Imfundo ebantwiniโ€™โ€ฆ kwakhiwa isikolo esitsha eMguza

Nkosilathi Sibanda ABANTWANA besiqintini seMguza, eMatabeleland North sebephiwe ithuba lokuthola imfundo yohlonzi nanko enye yamankampani akubhizimusi lezikolo, i-ACTโ€™V Group of Schools isiseduzane lokuvula isikolo esakhiwe ngobuciko obuphezulu kulindawo. Isikolo lesi,…

Kudingwa abatshiya izinto ezingaxotsha izulu eTsholotsho

Ethel Ncube INDUNA yeTsholotsho idinga bonke abagangayo ezigabeni abagoqela ababophela amalembu lamaphenti ezihlahleni kunye labanye abenza imithanithani yabo ezindaweni ezitshiyeneyo ngoba kubikwa bengavalela izibusiso zesigaba kugoqela lezulu. Induna uGampu uveze…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

You Missed

Cityโ€™s cultural heritage on display. . .Cultural artists cash in on school curriculum

Cityโ€™s cultural heritage on display. . .Cultural artists cash in on school curriculum

Seized fire tenders: Zim goes to court

Seized fire tenders: Zim goes to court

Legal process to extend Presidentโ€™s term explained

Legal process to extend Presidentโ€™s term explained

Govt consults families on burial of national heroes

Govt consults families on burial of national heroes

NSSA to increase pension payouts

NSSA to increase pension payouts

NSA set to establish medical village for doctors, nurses

NSA set to establish medical village for doctors, nurses
Translate ยป