BANGAPHEZULU kwe-40 million emhlabeni abantu besifazane okungenzeka babe lezinkinga zezempilakahle zesikhathi eside ngemva kokubeletha.
Lokhu kuvezwe lucwaningo lwakamuva olushicilelwe emqingweni wezempilo i-Lancet Global Health.
Lolu cwaningo luveza impilo kamama lezimo zezempilo abhekana lazo ngemva kokubeletha. Phakathi kwalezi zinto kubalwa ubuhlungu uma besiya emacansini (dyspareunia), okwenzeka ku35% yabesifazane abasanda kubeletha, ubuhlungu esithweni sangasese obuhlasela i32%, ukungaphumi komchamo okuhlasela u8-31%, ukukhathazeka okuhlasela i-9-24%, ukucindezeleka okuhlasela i11-17%, ukwesaba ukubeletha ngesikhathi esizayo okuhlasela i6-15% okuhambisana lokuthi bathathe izinqumo zokuthi bangaphindi bathole ingane.
UDokotela Pascale Allotey, ongumqondisi wezempilakahle lomcwaningi wezinto ezithinta ucansi lenzalo enhlanganisweni yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), uthe: โIzimo zezempilo ezinengi ezenzekala ngemva kokubeletha zidala izinkinga empilweni yansuku zonke kwabanye abantu besifazane. Abantu besifazane kumele impilo yabo yonke bakwazi ukuthola izikhungo zezempilo ezibhekele izidingo zabo. Lokhu akumelanga kugcine ngesikhathi bekhulelwe kodwa langemuva kokubeletha kumele zihlale zikhona izikhungo lemithi yokubelapha ngokupheleleyo ngoba kuyenzeka babe lezinkinga ezizabenza ukuthi badinge lezo zikhungo impilo yabo yonke,โ kutsho uDkt Allotey.
Uthe yize kwaziwa ukuthi zikhona izinkinga zezempilo ezibhekana labantu besifazane ezidinga ukuthi kube lezikhungo noma uphiko olubhekele bona ngemva kokubeletha, kuncane osekwenziwe yize sekuphele iminyaka engu-12 kwenziwa ucwaningo lokuqala olwaveza imiphumela ecitshe ifane lale.
Uthe ababhali balolucwaningo bathi abatholanga lowodwa umhlahlandlela owenziwe ngamazwe, mayelana lokwelashwa okuyimpumelelo kwezifo noma izimo ezingu-32, ezazivezwe lucwaningo ukuthi zikhathaza abesifazane ngemuva kokubeletha, emazweni anomnotho ophakathi lendawo lantulayo.
UDkt Paulo Souza wesikhungo iLatin American and Caribbean Centre on Health Sciences Information (BIREME), iWHO kanye nomunye wababhali bephepha lokuqala lalolucwaningo, uthe: โImpilo kamama akuyona nje into okufanele siqale ukukhathazeka ngayo uma kuvela esekhulelwe. Zinengi izinto ezilomthelela ekutheni owesifazane akhulelwe ngendlela elempilo. Kusukela kwezomnotho, ipolitiki lezinye izinto ezithinta impilo yakhe leyalapho ehlala khona, kuze kufinyelele ekutheni uyakuthola yini ukudla okunomsoco, ukuthi impilo yakhe uyihlele kanjani.
โLezi zinto zidinga ukuthi kubhekwane nazo ukuze kuthuthukiswe impilo yakhe, kubuye kunakekelwe impilo yakhe.โ
Uthe kudingeka uchungechunge lwamasu lezinhlelo zezempilo eziqinile, ezineminxa eminingi engahlinzeki nje kuphela ngezindlela zokubasiza zeqophelo eliphezulu, okuzobasiza uma sebebeletha okuhloniphekile kodwa futhi kumele zinqande ukugula kwabesifazane namantombazane ngemuva kokubeletha.-Isolezwe