Daily Newsletter

Igidigidi ngomswenko wenkosi ovamekubomrepha

“BAYEDE Dawg!”
Kusuke igidigidi ezinkundleni zokuxhumana abanye bephawula kanje ngemuva kokubona Indlulamithi yamakhosi uMisuzulu KaZwelithini itshaye umswenko yaze yawuphelelisa ngekepisi ilubhekise eceleni mbijana.
ISilo besiyingxenye yemashi yokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ebiseThekwini, ngoLwesihlanu.

Besishaye amateku, ibhulukwe i-jogger, isikhibha, umgexo obenyezelayo endabeni nezibuko ezidimile.
“Yayinhle iNkosi yethu, ngiyathanda,” kusho uHammy Bongar Mkhize Jama, ephawula esithombeni seSilo esifakwe ekhasini leSolezwe.
“Bayede dawg! Bayede my ngga!” kubhala uDa B Hlubi. UMamthiya Mavungama Lamie uthe: “Cha kodwa kumele ahlale ezazi ukuthi akafani nathi, agqoke ngendlela esizohlezi simhlonipha ngayo. Uma esekhaya-ke noma evakasha usengaba-ke i ngga.”


Isazi samasiko uSolwazi, Jabulani Maphalala, sithe akukho ongathi uhlulela Indlulamithi ngakho.
“Ngibona ngathi senzela (iSilo) ukwamukelwa kubo bonke abantu, sibe yinkosi ethanda abantu. Ingaqheli ngenxa yezembatho zayo,” kusho uMaphalala.
“Awukho umfanisiselwano owake waba khona. Okuhle kuyo Indlulamithi wukuthi iyavunula phela uma sekufanele kuvunulwe.


Indlulamithi isavunula bese ifaka lokhu ke. Kubalulekile ukuthi iNgonyama izifanise nabantu, ihehe nentsha iyithande le nto. Akukubi futhi akukho siko elwephulile,” usho kanjena.
Uthe kusuka kudala iziNgonyama zaphambilini zazigqoka ngendlela ezithanda ngayo. Uthe uMdlokombane wayeshaya isudi yamasosha ase-England, kwaba khona abakhalayo bethi kungcono uma evunula.


“Wavunula kanye wabuyela futhi kweyase-England sabona ukuthi uyayithanda. Uhambe emhlabeni eyithanda kakhulu. Sonke sasithi, ‘hawu kwenzeka kanjani angaziboni njengeNkosi yamaZulu ngoba uyise uBhekuzulu wayembatha kodwa engayishayi eyamaNgisi kusuka phansi kuya phezulu’.
Wayefaka noma isigqoko obonayo ukuthi esabelungu futhi obonayo ukuthi uyasithanda kodwa wayevunula ephatha nehawu elikhulu.”


Uqhube wathi iSilo uSolomon sasingafuni nakuyibona into ethi skhumba.
“Uma usuka kuSolomon uya kuDinuzulu, yena wayethanda izingubo azifake impela futhi bamnika ezingcono eziseqophelweni, wasekwa. Engikuthanda ngayo iNgonyama uDinuzulu ukuthi yayivunula futhi ibathanda abantu namahubo esiZulu iwahuba.
INgonyaka uCetshwayo yayivunula impela kodwa uma ivakatshela e-England ngo-Agasti 1882, bayinika izingubo eziphambili yazifaka,” kutsho uMaphalala.-Isolezwe

Sinokubonga Nkala

Related Posts

‘Imfundo ebantwini’… kwakhiwa isikolo esitsha eMguza

Nkosilathi Sibanda ABANTWANA besiqintini seMguza, eMatabeleland North sebephiwe ithuba lokuthola imfundo yohlonzi nanko enye yamankampani akubhizimusi lezikolo, i-ACT’V Group of Schools isiseduzane lokuvula isikolo esakhiwe ngobuciko obuphezulu kulindawo. Isikolo lesi,…

Kudingwa abatshiya izinto ezingaxotsha izulu eTsholotsho

Ethel Ncube INDUNA yeTsholotsho idinga bonke abagangayo ezigabeni abagoqela ababophela amalembu lamaphenti ezihlahleni kunye labanye abenza imithanithani yabo ezindaweni ezitshiyeneyo ngoba kubikwa bengavalela izibusiso zesigaba kugoqela lezulu. Induna uGampu uveze…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

You Missed

Zim finishes second at ITF/CAT Zonals

Zim finishes second at ITF/CAT Zonals

Zimpapers makes key senior executive appointments

Zimpapers makes key senior executive appointments

DeMbare appoints Mablanyo as substantive coach

DeMbare appoints Mablanyo as substantive coach

Zimpapers makes key senior executive appointments

Zimpapers makes key senior executive appointments

Security guard attacked, robbed while on duty

Security guard attacked, robbed while on duty

Chimombe and Mpofu in fresh bail bid

Chimombe and Mpofu in fresh bail bid
Translate »